19. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
20. Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba nguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
21. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
22. Nesizwe sakwaBenjamini; isikhulu sabantwana bakwaBenjamini siyakuba ngu-Abidani indodana kaGideyoni.
23. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
24. Bonke ababalwayo bekamu lakwa-Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
25. Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
27. Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani.
28. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.