13. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
14. Nesizwe sakwaGadi: isikhulu sabantwana bakwaGadi siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaRehuweli.
15. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
16. Bonke ababalwayo bekamu lakwaRubeni babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nanye namakhulu amane namashumi ayisihlanu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.
17. Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo.
18. Ibhanela* lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.
19. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
20. Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba nguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
21. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
22. Nesizwe sakwaBenjamini; isikhulu sabantwana bakwaBenjamini siyakuba ngu-Abidani indodana kaGideyoni.
23. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
24. Bonke ababalwayo bekamu lakwa-Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
25. Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.