Unumeri 2:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

2. “Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo ngasebhaneleni* lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.”

3. Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.

4. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.

5. Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Isakare; isikhulu sabantwana bakwa-Isakare siyakuba nguNethaneli indodana kaSuwari;

6. ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.

Unumeri 2