Unumeri 18:18-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Inyama yazo iyakuba ngeyakho; njengesifuba sokuzuliswa nomlenze wokunene iyakuba ngeyakho.

19. Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”

20. UJehova wathi ku-Aroni: “Awuyikuba nafa ezweni lakubo, futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

21. “Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.

22. Abantwana bakwa-Israyeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.

23. Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.

24. Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: ‘Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.’ ”

25. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

26. “Futhi uyakukhuluma kumaLevi, uthi kuwo: ‘Nxa nithabatha kwabakwa-Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.

27. Umnikelo wenu wokuphakanyiswa uyakubalelwa nina, njengalokho bekungamabele esibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.

28. Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.

29. Kuzo zonke izipho zenu niyakunikela ngayo yonke iminikelo yokuphakanyiswa kuJehova, konke okuhle kwayo, inxenye yayo engcwelisiweyo.’

30. “Ngalokho uyakusho kubo ukuthi: ‘Nxa niphakamisa okuhle kwayo, kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini.

31. Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.

32. Aniyikuthwala sono ngenxa yakho, lapho seniphakamisile okuhle kwakho, ningahlambalazi izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli ukuba ningafi.’ ”

Unumeri 18