Unumeri 18:14-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. “Konke okwahlukanisiwe kwa-Israyeli kuyakuba ngokwakho.

15. Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.

16. Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili.

17. “Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i-altare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

18. Inyama yazo iyakuba ngeyakho; njengesifuba sokuzuliswa nomlenze wokunene iyakuba ngeyakho.

19. Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”

20. UJehova wathi ku-Aroni: “Awuyikuba nafa ezweni lakubo, futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

21. “Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.

22. Abantwana bakwa-Israyeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.

23. Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.

24. Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: ‘Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.’ ”

25. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Unumeri 18