12. “Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.
13. Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuJehova luyakuba ngolwakho; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.
14. “Konke okwahlukanisiwe kwa-Israyeli kuyakuba ngokwakho.
15. Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.