Unumeri 18:11-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. “Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.

12. “Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.

13. Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuJehova luyakuba ngolwakho; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.

14. “Konke okwahlukanisiwe kwa-Israyeli kuyakuba ngokwakho.

15. Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.

16. Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili.

17. “Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i-altare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

18. Inyama yazo iyakuba ngeyakho; njengesifuba sokuzuliswa nomlenze wokunene iyakuba ngeyakho.

19. Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”

20. UJehova wathi ku-Aroni: “Awuyikuba nafa ezweni lakubo, futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

21. “Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.

22. Abantwana bakwa-Israyeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.

23. Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.

Unumeri 18