47. U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose, wagijima phakathi kwebandla; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana.
48. Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; isifo sanqamuka.
49. Abafile ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora.
50. U-Aroni wabuyela kuMose ngasemnyango wetende lokuhlangana; isifo sanqamuka.