4. UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe;
5. wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.
6. Yenzani lokhu: zithabatheleni imicengezi yomlilo, wena Kora neviyo lakho lonke,
7. nifake kuyo umlilo, nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova, abengcwele; sekwanele okwenu, madodana kaLevi.”
8. UMose wathi kuKora: “Ake nizwe, madodana kaLevi:
9. kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano ka-Israyeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele* likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza,
10. nokuthi ukusondezile wena, nabafowenu bonke, amadodana kaLevi, kanye nawe na? Senifisa nobupristi futhi na?
11. Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?”