Unumeri 16:38-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza i-altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba luphawu kubantwana bakwa-Israyeli.”

39. U-Eleyazare umpristi wayithatha imicengezi yethusi abanikele ngayo abashileyo; babakhanda baba yisimbozo se-altare,

40. ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.

41. Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.”

42. Kwathi inhlangano isibahlanganyele oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaJehova yabonakala.

43. OMose no-Aroni bafika ngaphambi kwetende lokuhlangana.

Unumeri 16