Unumeri 16:30-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.”

31. Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka;

32. umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.

33. Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.

34. Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”

35. Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.

36. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

37. “Yisho ku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ukuba akhiphe imicengezi yomlilo ekusheni, wena uwuhlakaze umlilo laphaya, ngokuba ingcwele,

38. imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza i-altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba luphawu kubantwana bakwa-Israyeli.”

39. U-Eleyazare umpristi wayithatha imicengezi yethusi abanikele ngayo abashileyo; babakhanda baba yisimbozo se-altare,

40. ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.

41. Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.”

Unumeri 16