Unumeri 16:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda,

2. bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo;

3. babahlanganyela oMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?”

4. UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe;

5. wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.

Unumeri 16