Unumeri 15:31-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Ngokuba udelele izwi likaJehova, nomyalo wakhe uwaphulile; lowo muntu uyakunqunywa impela, ububi bakhe bube phezu kwakhe.’ ”

32. Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha.

33. Abamfumana etheza izinkuni bamyisa kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano.

34. Bambeka ukuba alindwe, ngokuba kwakungakanqunywa ukuthi kuyakwenziwani kuye.

35. UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”*

36. Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu,* yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Unumeri 15