Unumeri 15:3-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,

4. khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini* lamafutha;

5. newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini* ngemvana inye, wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.

6. “ ‘Kepha inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesithathu kwehini* lamafutha, kube ngumnikelo wempuphu;

7. uyakunikela okwesithathu kwehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa nephunga elimnandi kuJehova.

8. “ ‘Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,

9. uyakunikela ngomnikelo wempuphu wokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo exovwe nenxenye yehini* lamafutha kanye neduna.

10. Uyakunikela ngenxenye yehini* lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

Unumeri 15