Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;