17. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni enginiyisa kulo,
19. kuyakuthi, lapho nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova.
20. Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.