Unumeri 15:17-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

18. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni enginiyisa kulo,

19. kuyakuthi, lapho nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova.

20. Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.

Unumeri 15