Unumeri 15:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni eniyakwakha kulo, engininika lona,

3. nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,

4. khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini* lamafutha;

5. newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini* ngemvana inye, wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.

6. “ ‘Kepha inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesithathu kwehini* lamafutha, kube ngumnikelo wempuphu;

Unumeri 15