24. kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.
25. Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”
26. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
27. “Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.
28. Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami:
29. izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,