23. abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;
24. kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.
25. Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”
26. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
27. “Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.
28. Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami:
29. izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,
30. abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
31. Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.
32. Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane.
33. Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane.
34. Njengokomumo wezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, umnyaka ngosuku, niyakuthwala ububi benu, yebo, iminyaka engamashumi amane, nize nazi ukuthi kunjani uma ngimelana nani.’
35. Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.”
36. Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe, abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe,
37. wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.
38. Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.
39. UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.