19. Ake uthethelele ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho uyekele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.”
20. UJehova wathi: “Yebo, ngiyathethelela njengezwi lakho;
21. kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,
22. lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,
23. abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;
24. kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.
25. Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”
26. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
27. “Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.
28. Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami:
29. izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,
30. abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
31. Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.
32. Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane.
33. Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane.