Unumeri 14:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Manje-ke uma ubulala laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwe udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:

16. ‘Ngokuba uJehova ebengenamandla okungenisa abantu bakhe ezweni alifungela kubo, ngalokho ubabulele ehlane.’

17. “Kalokhu ake abe makhulu amandla eNkosi njengokusho kwakho ukuthi:

18. ‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’

19. Ake uthethelele ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho uyekele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.”

20. UJehova wathi: “Yebo, ngiyathethelela njengezwi lakho;

21. kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,

22. lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,

23. abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;

24. kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.

Unumeri 14