1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.”
3. UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
4. Lawa angamagama abo:Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri.
5. Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori.
6. Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.
7. Owesizwe sakwa-Isakare: u-Igali indodana kaJosefa.
8. Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni.
9. Owesizwe sakwaBenjamini: uPaliti indodana kaRafu.
10. Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi.
11. Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.
12. Owesizwe sakwaDani: u-Amiyeli indodana kaGemali.
13. Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
14. Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi.