Unumeri 12:3-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

4. UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu, wathi: “Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana.” Baphuma bobathathu.

5. UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.

6. Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.

Unumeri 12