Unumeri 11:5-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;

6. kepha manje umphefumulo wethu usuwomile; akukho lutho impela; ngaphandle kwaleli mana* akukho lutho emehlweni ethu.”

7. Imana* lafana nembewu yekoriyanderi,* nokubonakala kwalo kwakunjengokubonakala kwenhlaka yebedola.*

8. Abantwana baphuma ukuliqoqa, baligaya ematsheni, noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini, benza ngalo amaqebelengwane; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha.

9. Nxa amazolo elala phezu kwekamu* ebusuku, imana* lawela phezu kwawo.

10. UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.

11. UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?

12. Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na?

13. Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe inyama ukuba sidle.’

14. Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda.

15. Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”

16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.

17. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.

18. “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.

19. Aniyikuyidla usuku lube lunye, noma izinsuku zibe zimbili, noma izinsuku zibe yisihlanu, noma izinsuku zibe yishumi, noma izinsuku zibe ngamashumi amabili,

Unumeri 11