Unumeri 11:33-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.

34. Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iKibiroti Hathawa,* ngokuba bambela abantu abafisayo.

35. Abantu basuka eKibiroti Hathawa, baya eHaseroti; bahlala eHaseroti.

Unumeri 11