Unumeri 11:20-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ”

21. Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo.’

22. Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?”

23. UJehova wathi kuMose: “Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.”

24. UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaJehova; wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga abantu, wawamisa ngasetendeni nxazonke.

Unumeri 11