17. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.
18. “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.
19. Aniyikuyidla usuku lube lunye, noma izinsuku zibe zimbili, noma izinsuku zibe yisihlanu, noma izinsuku zibe yishumi, noma izinsuku zibe ngamashumi amabili,
20. kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ”
21. Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo.’
22. Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?”
23. UJehova wathi kuMose: “Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.”
24. UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaJehova; wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga abantu, wawamisa ngasetendeni nxazonke.
25. UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.
26. Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu,* igama lenye lalingu-Elidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu.
27. Kwagijima insizwa, yabika kuMose, yathi: “O-Elidadi noMedadi bayaprofetha ekamu.”*
28. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, owabakhethiweyo bakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”