Unumeri 11:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe inyama ukuba sidle.’

14. Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda.

15. Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”

16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.

17. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.

Unumeri 11