Unumeri 11:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*

2. Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla.

3. Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iThabehera, ngokuba umlilo kaJehova washa phakathi kwabo.

Unumeri 11