3. Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana.
4. Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.
5. Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka.
6. Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
7. Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.
8. “Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
9. Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.
10. Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
11. Kwathi ngomnyaka wesibili ngenyanga yesibili ngolwamashumi amabili lwenyanga ifu lenyuswa etabernakele* lobufakazi.
12. Abantwana bakwa-Israyeli basuka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.
13. Ngokokuqala basuka ngokwesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
14. Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.
15. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Isakare kwakunguNethaneli indodana kaSuwari.
16. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaZebuloni kwakungu-Eliyabe indodana kaHeloni.
17. Itabernakele* lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.
18. Lase lisuka ibhanela* lekamu* likaRubeni ngamabandla abo; phezu kwalelo bandla kwakungu-Elisuri indodana kaShedewuri.