25. Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Asheri kwakunguPagiyeli indodana ka-Okirani.
27. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaNafetali kwakungu-Ahira indodana ka-Enani.
28. Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ngokulandelana kanjalo ngamabandla abo; base besuka-ke.
29. UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”
30. Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka, ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.”
31. Kepha wathi: “Ake ungasishiyi; njengokuba uyazi ukuthi siyakumisa kanjani ehlane, uyakuba ngamehlo ethu.
32. Kuyakuthi uma uhamba nathi, yebo, kwenzeke ukuthi, noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.”