Unumeri 10:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Abantwana bakwa-Israyeli basuka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.

13. Ngokokuqala basuka ngokwesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

14. Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.

15. Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Isakare kwakunguNethaneli indodana kaSuwari.

Unumeri 10