Unumeri 10:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.*

3. Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana.

4. Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.

5. Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka.

6. Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.

7. Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.

8. “Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.

9. Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.

Unumeri 10