Unumeri 10:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.*

3. Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana.

4. Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.

Unumeri 10