Unumeri 1:43-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaNafetali, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

44. Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu-Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.

45. Bonke ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,

46. bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

47. Kepha amaLevi ngokwesizwe sawoyise awabalwanga phakathi kwabo.

48. Ngokuba uJehova wakhuluma kuMose, wathi:

49. “Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala, ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli,

50. kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.

51. Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

52. Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ekamu* labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni* labo, ngamabandla abo.

53. Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”

54. Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.

Unumeri 1