19. Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi.
20. Abantwana bakwaRubeni, izibulo lika-Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
21. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaRubeni, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
22. Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
23. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaSimeyoni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
24. Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
25. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaGadi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
26. Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
27. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
28. Kubantwana bakwa-Isakare, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
29. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Isakare, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
30. Kubantwana bakwaZebuloni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
31. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaZebuloni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
32. Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:
33. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Efrayimi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
34. Kubantwana bakwaManase, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
35. labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaManase, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
36. Kubantwana bakwaBenjamini, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: