Unumeri 1:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:

2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;

3. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.

4. Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

5. Lawa angamagama amadoda ayakuma nani:kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.

6. KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.

7. KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.

8. Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.

9. KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.

Unumeri 1