Unumeri 1:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:

2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;

3. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.

4. Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

5. Lawa angamagama amadoda ayakuma nani:kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.

6. KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.

7. KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.

8. Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.

9. KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.

10. Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.

11. KwaBenjamini: u-Abidani indodana kaGideyoni.

12. KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.

13. Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana ka-Okirani.

14. KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.

15. KwaNafetali: u-Ahira indodana ka-Enani.”

16. Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.

17. OMose no-Aroni base bethatha lawo madoda aseshiwo ngamagama.

Unumeri 1