1. UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:
2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
3. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.
4. Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.
5. Lawa angamagama amadoda ayakuma nani:kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.
6. KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
7. KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
8. Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.
9. KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.
10. Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
11. KwaBenjamini: u-Abidani indodana kaGideyoni.
12. KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
13. Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana ka-Okirani.
14. KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
15. KwaNafetali: u-Ahira indodana ka-Enani.”