Unehemiya 9:7-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. “Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u-Abrama, wamkhipha e-Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama;

8. wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho, wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.

9. “Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe, wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu;

10. wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.

11. Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.

12. Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

13. “Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;

14. wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;

15. wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.

16. “Kepha bona nawoyise baqholosha, benza lukhuni izintamo zabo, kabalalelanga imiyalo yakho,

17. benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.

Unehemiya 9