19. nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
20. Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.
21. Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane, kabaswelanga lutho; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga.
22. “Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani.