Unehemiya 9:19-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

20. Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.

21. Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane, kabaswelanga lutho; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga.

22. “Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani.

Unehemiya 9