1. Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.
2. Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.
3. Basukuma endaweni yabo, bafunda encwadini yomthetho kaJehova uNkulunkulu wabo inxenye yesine yosuku; inxenye yesine bavuma izono zabo, bakhuleka kuJehova uNkulunkulu wabo.
4. Kwase kukhwela ezikhwelweni zamaLevi oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebaniya, noBuni, noSherebiya, noBani, noKhenani, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.
5. AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade.“Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.
6. Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.
7. “Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u-Abrama, wamkhipha e-Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama;
8. wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho, wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.
9. “Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe, wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu;
10. wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.
11. Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.
12. Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.
13. “Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
14. wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;
15. wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.