69. amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
70. Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.
71. Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.
72. Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane* ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.
73. Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo.Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.