56. nabantwana bakwaNesiya,nabantwana bakwaHathifa.
57. Abantwana bezinceku zikaSolomoni:ngabantwana bakwaSothayi,nabantwana bakwaSofereti,nabantwana bakwaPherida,
58. nabantwana bakwaJahala,nabantwana bakwaDarikoni,nabantwana bakwaGideli,
59. nabantwana bakwaShefathiya,nabantwana bakwaHathili,nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi,nabantwana bakwa-Amoni.
60. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.
61. Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:
62. abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.
63. Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
64. Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini.
65. Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.*
66. Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
67. ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu.
68. Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
69. amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
70. Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.
71. Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.