Unehemiya 7:52-64 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

52. nabantwana bakwaBesayi,nabantwana bakwaMehuni,nabantwana bakwaNefushesimi,

53. nabantwana bakwaBakibuki,nabantwana bakwaHakufa,nabantwana bakwaHarihuri,

54. nabantwana bakwaBasiluthi,nabantwana bakwaMehida,nabantwana bakwaHarisha,

55. nabantwana bakwaBarikhosi,nabantwana bakwaSisera,nabantwana bakwaThema,

56. nabantwana bakwaNesiya,nabantwana bakwaHathifa.

57. Abantwana bezinceku zikaSolomoni:ngabantwana bakwaSothayi,nabantwana bakwaSofereti,nabantwana bakwaPherida,

58. nabantwana bakwaJahala,nabantwana bakwaDarikoni,nabantwana bakwaGideli,

59. nabantwana bakwaShefathiya,nabantwana bakwaHathili,nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi,nabantwana bakwa-Amoni.

60. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.

61. Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:

62. abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.

63. Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.

64. Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini.

Unehemiya 7