Unehemiya 7:5-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

6. Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

7. abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana.Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:

8. abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;

9. abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;

10. abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili;

11. abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;

12. abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

13. abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu;

14. abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;

15. abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili;

16. abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili;

17. abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili;

18. abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa;

19. abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;

Unehemiya 7