Unehemiya 7:49-63 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

49. nabantwana bakwaHanani,nabantwana bakwaGideli,nabantwana bakwaGahari,

50. nabantwana bakwaRewaya,nabantwana bakwaResini,nabantwana bakwaNekhoda,

51. nabantwana bakwaGazamu,nabantwana bakwa-Uza,nabantwana bakwaPhaseya,

52. nabantwana bakwaBesayi,nabantwana bakwaMehuni,nabantwana bakwaNefushesimi,

53. nabantwana bakwaBakibuki,nabantwana bakwaHakufa,nabantwana bakwaHarihuri,

54. nabantwana bakwaBasiluthi,nabantwana bakwaMehida,nabantwana bakwaHarisha,

55. nabantwana bakwaBarikhosi,nabantwana bakwaSisera,nabantwana bakwaThema,

56. nabantwana bakwaNesiya,nabantwana bakwaHathifa.

57. Abantwana bezinceku zikaSolomoni:ngabantwana bakwaSothayi,nabantwana bakwaSofereti,nabantwana bakwaPherida,

58. nabantwana bakwaJahala,nabantwana bakwaDarikoni,nabantwana bakwaGideli,

59. nabantwana bakwaShefathiya,nabantwana bakwaHathili,nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi,nabantwana bakwa-Amoni.

60. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.

61. Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:

62. abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.

63. Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.

Unehemiya 7