Unehemiya 7:4-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.

5. UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

6. Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

7. abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana.Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:

8. abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;

9. abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;

10. abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili;

11. abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;

12. abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

13. abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu;

14. abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;

15. abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili;

16. abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili;

Unehemiya 7