Unehemiya 7:35-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

36. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

37. abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;

38. abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.

39. Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;

40. abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;

41. abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;

42. abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.

43. AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.

44. Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.

45. Abalindisango: abantwana bakwaShalumi,nabantwana bakwa-Atheri,nabantwana bakwaThalimoni,nabantwana bakwa-Akubi,nabantwana bakwaHathita,nabantwana bakwaShobayi:yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.

Unehemiya 7