30. amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
31. amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
32. amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;
33. amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
34. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
35. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
36. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
37. abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;
38. abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.
39. Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
40. abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
41. abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
42. abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
43. AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.
44. Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.
45. Abalindisango: abantwana bakwaShalumi,nabantwana bakwa-Atheri,nabantwana bakwaThalimoni,nabantwana bakwa-Akubi,nabantwana bakwaHathita,nabantwana bakwaShobayi:yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.